Umlando wakwaShandu

Abantu bakwaMbatha  baphuma esibongweni saKwaZulu, endlini encane kaMageba kaZulu noMalandela. Kulendlu uMageba uzale uMpangazitha, ozale uNdaba ozale uShandu, uMbeje noDladla.


UShandu wayengomncane kunoMbeje emadodaneni kaNdaba, ngokuthi nguye obezalwa endlunkulu, nguye othathe isihlalo sobukhosi emuva kukayise. UShandu abantu bakhe bebemkhonzile, eyisilomo njengoyise uNdaba nokhokho wakhe uMpangazitha. Umkhulu wakhe, uSontshikazi, ngathi ubengesona isilomo kangako ngoba bebengamphathi kakhulu uma bekhulekela amakhosi abo. AbakwaShandu bebekhulekela kuye bethi Shandu kaNdaba kaZitha. Lokhu kuveza ukuthi bebemeqa uSontshikazi. Ngenxa yokuthi ulimi lwesiNguni luthanda ukweqa nokulumbanisa amagama, laba bantu bagcine sebethi kuShandu Ndabezitha, besusela ekutheni Ndaba kaZitha, kwavela isithakazelo esithi Ndabezitha, kubantu bakwaShandu.


Bebakhelene nabantu bakwaButhelezi, Namanje kusenjalo. Ngaphesheya kwabo kwakhe abahlobo babo baKwaZulu abebebuswa nguJama kaNdaba ongumfowabo kaMpangazitha. UJama wakhe eBabanango ngaseMakhosini. Ezwa lesi sithakazelo samaMbatha esithi Ndabezitha, usithandile kwazise esabo besiyinhlamba bebizwa Lufenulwenja. UJama uthumele kuShandu ukuyociba insema ngombandela wokuthi oyoyiciba nguyena oseyobizwa ngoNdabezitha. UJama wayeyingwazi edumile, uShandu ubekwazi lokho wavuma.


UShandu ubemfushane, ehlakaniphile. Ubeqonda kahle ukuthi uJama ufuna ukwenzakalisa yena ukuze azithathele lesi sithakazelo uma esefile. Uvele waziphathela isiphuku sakhe sokulala ngosuku abebevumelene ngalo. Sebesenkundleni uJama uthe akucibe uShandu kuqala, waciba washweba. SekunguJama, okaNdaba umkhonto uvele wawukhomba kuShandu ngenhloso yokumenzakalisa. UShandu wembathe isiphuku sakhe umkhonto wabhajwa kusona. UJama uthe wenzani uShandu embatha isiphuku. Kusuka lapho waba nguMbatha, uJama waba nguNdabezitha. Abantu baKwaZulu nabebehlobene nabo njengabafowabo bakaJama okunguXhoko, Shonkweni nabanye, babe sebebizwa ngoNdabezitha. UShandu uzale uMbanjwa, uKhali, uMngunyana, uMbudlele, uMandlovu, uNkomo noMashiba. UMbanjwa nguye obeyinkosana obuse emuva kukaShandu. Kubuye kwasuka umbango emadodeni kaShandu kwaphetha ngokuthi kungenelele iNkosi yaKwaZulu, uSenzangakhona kaJama ofike wagudluza uMbanjwa esihlalweni wabeka umnawakhe, uKhali.


Ekukhothameni kukaKhali, kubuse inkosana uMancengeza ubukhosi obulahleke kuyena endlini encane kaNkomo kaShandu. UMancengeza ubalekele uShaka obeyinkosi yesizwe saKwaZulu. Ubaleke waze wahlangana noNgoza wakwaMhembu owayebalekela iLembe. Sibathola behla nezwe beyofika eningizimu nalo. Amanye amadodana kaShandu ahlalela kude esaba ukuthatha ubukhosi bamaMbatha. Ubukhosi buvuke endlini kaNkomo Shandu.

Inkosi uMpande isibusa KwaZulu, igcobe uHlakanyana kaMatshana kaNkomo kaShandu ukuba abe yiNkosi yamaMbatha. UHlakanyane ulandelwe yinkosana yakhe uDikane. Emuva kokudlula emhlabeni kukaDikane oNdini, nenkosana yakhe uSimukanaye, esihlalweni sobukhosi kubambe uNqodi kaDikane. UNqodi ubebambele uSicoco kaSimukanaye ngokuthi ubengumuntu obuthaka empilweni. UNqodi ubambe isikhathi eside kwaze kwaba kukhula uMhloluthini kaSicoco. INkosi uSolomon kaDinizulu iganwe ngamakhosazana amaningi kaNqodi. Phakathi kwawo nguKhulumile noMkhukhuza. UMhloluthini uqanjwe ngaleli gama ngoba abadala emaMbatheni uSicoco bebemubiza ngoMhlola ngenxa yempilo yakhe. USicoco utholelwe uzalo intombi athole inkosana eyothatha ubukhosi bakhe. Isizwe nozalo sababaza sithi lo mhlola onguSicoco uyozala uthini. Ngakho ke umntwana esezelwe waqanjwa igama elithi uMhloluthini.


OMbatha bangoMagwaz’ ephindelela

Uzalo LukaMashibha

UMashibha uzale uNgwenya, ozale uDlekezele, ozale uManyosi noMazibukwana. UManyosi yena wazala uMcetshwa, uNgqokwana, uMbandama, uSobohla, uMelelesi, uMaphashana nabanye. UMelelesi uzale uYena, uNakuyise, uPhathuyise, uLinduyise noGezunina. Kwathi uYena wazala uMawana noSikwata. UMawana uzale uMlandu.


Umuzi waKwaSindabengazi

UMazibukwana kaDlekezela uzale uGobanhlamvu, uNtshingwayo noMveli.


Indlu YaseNdokozane (Indlu yobukhosi yozalo lukaMashibha)

UManyosi uzale uMaphashana, ozale uMbopha, ozale uGogo yena ozale uMathambo ozala iNkosi uMadubula.


OlukaNkomo kaShandu

UNkomo uzale uMatshana, ozale uHlakanyana, ozale uDikane noLukhwabithi. UDikane uzale uSimukanaye, uNqodi, uSikwata, uNsishwana, uMgwaqo noNdlebezomlilo. UNqodi wazala uKhulumile noMakhukhuza (amakhosikazi eSilo uSolomon), uMahlukwana, uPholela, uPhakathikwempi, uDlangezwa, uMlengeza, uMfanawelanga, noBulawayo.


UPholela uzale uSlehe. UDlangezwa wazala uZeblon (uManjanja). UMgwaqo wazala uSibunja, uJohannes (uSinuzi), uJosias, uNonkeneza noNkomfana. USibunja uzale uMasowini, uMpisendlini, uKhakhayi, uMashodi, uGenqe, uMambawu (uNkosinathi), uMdufu, Ntozane noBashikile.


Indlu ebusayo (KwaVezunyawo)

UDikane uzale uSimukanaye, ozale uSicoco, yena wazala uMhloluthini, ozale uBizokwakhe uGilbert noMathendelana. Ubizokwakhe uzale iNkosi uSizwesithini, uNqobizwe noLucky Mbatha. ULukhwabithi kaHlakanyana uzale uNhliziyo, ozale uMakhubalo.


Ezinye izibongo eziphume kwaMbatha


Vezi

Kweyama

Nsibalukhulu

Sithomo

Mbeje

Dladla



1 comment:

  1. U siboniso lona wase mambatheni esamungu ngaphansi kwesikole indluyesilo,mina ngzalwa uhlobisa intonbi nesokalayo umfoka mhlinzi ewenkomo isanqasha umfoka sgwinya kushisa kophola ethunzi umfoka qhosha Kati, ubaba Ongizalayo lowo yena ebe ezazwala uskheti kuvele ipitikoti umkhulu wam lowo ,siqhamuka kwashandu indle enkulu yakithi ingani ibona umkhulu wase ephuma umuzi wathi isentandwen ilapho engikhona mina,ngyabonga ngomlando wakithi emambatheni bengimfishane ngawe Nathi seso fundisa izingane zethu ngyabonga.

    ReplyDelete