UTHANDO
Uthando into enjani? uthando imizwa emihle onayo ngento ethile noma umuntu thizeni. Into uma uyithanda uyaye uthande ukuthi ihlale njalo iseduze kwakho uyibuka. Izinto ke zehlukene ziningi izinto ongazithanda. Ukuthanda umuntu kulelo cala sibaningi sididekile asazi ukuthi kuyini khona lokho. Uma uthanda umuntu kuba nento obanayo ngaye ekwenza uhlale ucabanga ngaye. Kungaba isebusuku noma isemini kube sengathi ungahlala naye njalo nibukana nje. Awubi namagqubu nomuntu omthandayo awukhulumi noma ikanjani amazwi owasho kuye uyabheka ukuthi azofika kanjani kuye. Ngoba awuthandi ukuthi umbone engathokozile. Ngaso sonke iskhathi ufisa sengathi ungamubona ejabulile uyamhlonipha uyamkhathalela uyamzwela uyamucabangela. Uma kwenzekile wenza iphutha ngoba phela akufanele uhlale ungumuntu wamaphutha uyazehlisa ukhombise ukuzisola. Uthando into enhle nje kanjalo.
Subscribe to:
Posts (Atom)
No comments:
Post a Comment