Monday, 16 May 2016

Ubungani

Ukuba nobudlelwane

Ubudlelwane buhle bukwenza uhlale ujabulile. Inkinga onayo niyakwazi ukuyixoxa kutholakale isixazululo. Ngeke uzizwe uwedwa uma unomngani. Iba umngani owethembekile okwazi ukulalela ongazicabangeli yena yedwa.

Ubudlelwane nomuntu omncane

Buhle uma ngidlala nihleka. Inkinga ibakhona uma sekufanele nakhane omunye nomunye aphume nesisombululo. kodwa uyakwazi ukumakha abe ilento oyifunayo. Inqobo nje uma nizwana ungamlahlekisi.

Ubudlelwane nomuntu omdala

Buhle bukwenza ukhule uma uthanda ukhula. Uma uphambuka endleleni uabuyiselwa. Uyakwazi ukubuza la ongaboni khona uchazeleke. Umqondo wakho uyaqeqesheka izinto eziningi uzazi.

Ubudlelwane nomuntu owuntanga
Buhle kwenye inkathi abubuhle. buyefana nobunye uma nizokwazi ukulalelana ningathathi ngokuthi ningontanga. inhlonipho ayiyi ngabudala noma ngabe ungakanani.